Abasolwa abahlanu okuhlanganisa nomzukulu kalowo owayenguMengameli uNelson Mandela kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesihlanu ekuseni.
Abasolwa baboshelwe ukutholakala nemoto eduniwe kanye nesibhamu esingekho emthethweni ekuqaleni kwaleli sonto.
Imoto itholwe emzini kaMandela eHoughton eGoli.
Amaphoyisa kaMasipala waseGoli athole imininingwane mayelana nendawo yemoto yohlobo lweToyota Corolla emhlophe edunwe kuLouis Botha Avenue e-Oaklands ngoLwesithathu.
Ngesikhathi bengena kule ndawo, amaphoyisa athole imoto ebiduniwe abamba abantu abahlanu – abesilisa abane nowesifazane oyedwa.
Ukuseshwa kwalezi zakhiwo kuholele ekutheni kutholwe isibhamu esisodwa esingekho emthethweni.
Imininingwane yokuqala iveza ukuthi owesifazane ohlezi kule ndawo uqasha futhi ujwayelene nabasolwa abane.