UZOVELA enkantolo maduze owesilisa osolwa ngokugwaza abulale umsebenzi wasebhange eMpangeni.
Kukholakala ukuthi umsolwa ubefuna ukweqa ulayini egatsheni ngoLwesithathu kodwa watshelwa yisisebenzi ukuthi ame ngemuva kolayini.
Ngokusobala wahamba, wabuya ngemva kwesikhashana esephethe ummese.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uRobert Netshiunda, uthe kuphinde kwalimala omunye umuntu ngesikhathi kuqhubeka lesi sidumo.
“Ngesikhathi kuqhubeka ingxabano, umufi wagwazwa kwathiwa useshonile endaweni yesigameko. Owesifazane osebenza ebhange naye wagwazwa waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole ukwelashwa. Umsolwa uboshiwe, uma sekucutshungulwa, uzovela enkantolo.”
Kuyadabukisa ukubulalwa kwabesifazane okunganqamuki, abantu besilisa kumele bafundiswe ngokuziphatha.
Hay uCapitec ngokungabi namaSecurity ave eyinkinga, kodwa uyazi unama Customer amaningi why vele ningawaqashi namaSecurity Capitec? Niyayibona imiphumela emibi? At least I Security belizothikazisa noma belingeke limelane nomalugaju obenukelwa igazi
Yaz ngempela uCepitec yedwa ongenawo ama security Kant unebhizi kakhulu ewww kwakubi nkosiyam
Nkosi yami sihlungu singaka bengenwe ini yena kwangempela
Akakhombisanga kuhlonipha akaboshwe ibuhlungu lento syenzile.
Cabangile nje lomuntu kuthi lomuntu ambulele bezingane yondla 🙏😭