UMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi iqhawe lomzabalazo kanye nesishoshovu sezepolitiki uMnu. Pravin Gordhan uzohlonishwa ngomngcwabo okhethekile weisigaba sesibili ngoLwesine, 19 Septhemba 2024.
Lowo owayenguNgqongqoshe uGordhan ushone ngezithuba zehora lokuqala ngoLwesihlanu, 13 Septhemba 2024, eneminyaka engu-75, ngemuva kokugula isikhathi eside.
“Ngomhla ka-19 Septhemba, uGordhan uzonikezwa inhlonipho yomngcwabo okhethekile ozoba nezigcawu ezibandakanya umviliyelo wombutho wamaphisa akuleli. Imininingwane egcwele mayelana nalo mcimbi izokwaziswa ezinsukwini ezizayo,” kusho ihhovisi likaMengameli ngoLwesihlanu.
UMengameli ubuye wathi ifulegi leSizwe kufanele liphephezeliswe phansi kusukela ngoMgqibelo, 14 Septhemba 2024, kuze kube sekupheleni kosuku lomngcwabo.
UGordhan usebenze njengeNgqongqoshe Wezezimali kusukela ngo-2009 kuya ku-2014, wabuye waphinde wabamba lesi sikhundla kusukela ngo-2015 kuya ku-2017. Waphinde wasebenza njengeNgqongqoshe Wezokubambisana Nezindaba Zendabuko kusukela ngo-2014 kuya ku-2015, kanti wasebenza futhi njengeNgqongqoshe Wezinkampani Zikahulumeni kusukela ngoFebhuwari 2018, kwaze kwaba ngumhla azomemezela ngawo umhlalaphansi ngoMashi 2024.
UGordhan waqokwa njengoKhomishana we-South African Revenue Service ngo-1999, ngemuva kokusebenza njengoSekela Khomishana.
Ngokusho kwehhovisi likaMengameli, umfutho wakhe wokwenza umehluko kuhulumeni wavela ekubandakanyekeni kwakhe emzabalazweni wokulwa nobandlululo, okuhlanganisa indima yakhe ezinhlanganweni zabafundi nezakhamuzi ngawo-1970s kanye nango-1980s, njengelungu loMkhandlu Ophezulu weNatal Indian Congress kanye nelungu lombutho wezempi le-African National Congress.
“UMengameli Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo kumkakhe uNksz. Vanitha Raju, amadodakazi u-Anisha no-Priyesha, kanye nomfowabo omdala uManecklal Gordhan nodadewabo uShanta Harilal.
“UMengameli ucabanga kakhulu ngomndeni wakwaGordhan, izihlobo, abasebenzisana nabo kanye nezinhlangano eziningi azakhe ubudlelwano nazo njengelungu lomphakathi, iqhawe lomzabalazo, isikhulu sikahulumeni kanye neLungu loMkhandlu Kazwelonke,” kusho iHhovisi likaMengameli.
UMengameli Ramaphosa, owavakashela uGordhan emahoreni akhe okugcina, umkhumbule njengomholi owalwa ukudedela iNingizimu Afrika ezibopheni zobandlululo, ukungalingani, ubumpofu kanye nendlala.
UMengameli uthe uGordhan wayeholwa umbono womphakathi lapho wonke umuntu enethuba lokufeza amaphupho akhe.