UNonhlanhla Mbhele naboshwenabo bagwetshiwe namhlanje ngamacala okwakha itulo lokubulala baphinde bebulale izihlobo zakhe ngenxa yemali yomshwalense.
UNonhlanhla kubikwa ukuthi wabulala udadewabo, isoka likadadewabo kanye nengane yomngani wakhe ngonyaka ka2019 no2020.
Namuhla inkantolo enkulu eThekwini ibagwebe odilikajele abathathu ngamacala amathathu okubulala. Bagwetshwa iminyaka ewu 15 ngamacala amathathu okwakha itulo lokubulala okuyiminyaka ewu 45 uma uyihlanganisa. Umama webhantshi uphinde wagixabezwa ngeminye iminyaka engu15 icala ngalinye okungeyokukhwabanisa.