UThabo Godfrey Lekwa oneminyaka engu-38 ubudala ugqunywe esitokisini kuze kube yilapho ephinde avela enkantolo ngoMsombuluko, 09 December 2024. ULekwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseLehurutshe ngoLwesibili, 05 November 2024, ngecala lokubulala.
Umsolwa uvele enkantolo ngenxa yokuboshwa kwakhe ngoLwesihlanu, 01 Novemba 2024, mayelana necala lokubulala intombi yakhe, uMary Motswabangwe, 51, wasePerdevlei Section, esigodini saseDinokana ngaphandle kwaseZeerust. Ngokolwazi, amaphoyisa kanye nabanye ababambiqhaza babizelwe endaweni yesigameko ngabo-20:30 ngoLwesihlanu, 01 Novemba 2024. Lokho ngemuva kokubonakala kwesidumbu somuntu ngaphakathi kwethoyilethi lomgodi. Isidumbu, esasigoqwe ngeshidi eliluhlaza okwesibhakabhaka nokumhlophe sakhishwa ethoyilethi sahlonzwa ngesaMotswabangwe. Imininingwane eqoqwe endaweni yesigameko iveze ukuthi uLekwa washaya isisulu kanzima ngesikulufa wazama ukusishisa.
Umsolwa ugcine elandelwa umkhondo waboshwa ngalo lolo suku. Imbangela yesigameko ayikaziwa okwamanje kanti uphenyo luyaqhubeka.
UKhomishana wesiFundazwe saseNyakatho Ntshonalanga, uLieutenant General Sello Kwena ubonge bonke ababambiqhaza okuhlanganisa namalungu omphakathi ngokubambisana kwabo, okuholele ekuvezeni obala, ukuboshwa nokuvalelwa kwabasolwa abanobudlova obusekelwe kubulili.