IMeya yakuMasipala wasoThukela Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala wemukele uKhomishana wamaPhoyisa omusha wakuloMasipala uMajor-General Gonya.
u Major-General Gonya ungene ezicathulweni zika major General Khumalo oseyosebenzela kwisifunda saseZululand njengoba uGonya yena kade esebenzala kwi sifunda sase Zululand kanti kulindeleke ukuthi aqale ukusebenza mhla lulunye kuMfumfu.
Bekulindeleke ukuthi uGeneral Gonya aethulwe umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, kodwa ngenxa yokuxineka ngenxa yezibopho zomsebenzi, uMkhwanazi ugcine enxuse uJenene Makhoba ukuthi kube nguye owethula uGeneral Gonya esikhundleni sakhe.
Enkulumweni yakhe yokwamukela isikhundla, uGonya ucele ukuthi zonke izakhamizi zasoThukela zisebenzisane namaphoyisa. Uveze ukuthi amaphoyisa angeke akwazi ukwenza umsebenzi wawo ngokuphelele uma engasebenzi ngokubambisana nabantu bendawo, nokubaluleka kokubambisana ukuze kuqinisekiswe ukuphepha emphakathini, “umsebenzi wokuba iphoyisa iwona engiwazi kangcono kakhulu, njengoba sengibe kuwona iminyaka engaphezulu kwengama-30. Ngifisa ukuthi sisebenzisane ngokubambisana, ngalokho sizosebenza ngempumelelo. Ngeke ngizincome mina kodwa umsebenzi wami uzongikhulumela” kusho uMajor-General Gonya.