I-Ezemvelo KZN Wildlife isiqinisekise ukweqa komhlambi wezindlovu esiqiwini iThala OPhongolo enyakatho neKZN izolo ebusuku.
Ithi amalungiselelo okuzibuyisela ngaphakathi esiqiwini lezi zindlovu ayaqhubeka.
lenhlangano nxuse imiphakathi ukuthi iyeke ukususa uthango eziqiwini– ngoba lokhu kubeka abantu bendawo engcupheni enkulu yokuhlaselwa izilwane zasendle.
Okhulumela lo Mnyango uMusa Mntambo uthi ezinye zezindlovu sezike zabonwa ngasoPhongolo.
“Zenziwe izinhlelo zokusebenzisa indiza enophephela emhlane ukuzama ukuzikhalima lezi zindlovu okuthiwa ziyazichanasela nje endaweni. Umshayeli wendiza njengamanje ulindele ukuthi isimo sezulu sibe ncono ngaphambi kokuqhubeka.”
“Iziindlovu zivamise ukuphunyuka emizileni emibili eyehlukene, owokuqala umfula uPhongolo, owesibili yindawo ebizwa ngokuthi KwaBanakile lapho umphakathi ukhiphe ucingo wavimba izikhulu zeZemvelo ukuthi zenze umsebenzi wazo.
“USihlalo webhodi KwaZulu-Natal kwa-Conservation Services usenxuse abasaqhubeka nokusika uthango lwase-Ehluhluwe eMfolozi park ukuthi bayeke ukuvala ucingo nokulusika.”