Usihlalo webhodi uMsinsi Holdings uMniz. Skhumbuzo Mdlalose waseMbuzweni eMnambithi okewaba nguSihlalo weCosatu KwaZulu-Natal eminyakeni edlule manje oSengusihlalo webhodi loMsinsi Holdings wenzele umphakathi wase Moba ukhisimusi.
Umphakathi waseMoba usuzokwazi ukuba namanzi njengoba uMdlalose ebegubhele impompi yohlobo lwesimanje ezolanda amanzi phansi nisebenzisa ugesi welanga iwagcwalise ithangi elikhulu elingu 5000 litters. Imizi engaphezulu kwemashumi amahlanu eyakhele indawo yase Mbuzweni ezokwazi ukuthola amanzi. Kanti omunye wezakhanuzi zalapha okunguyena obegqugquzela ukuthi lohlelo lwenzeke UMnu. Ntokozo Ndaba uthi indlela abajabule ngayo abakwazi nokuyichaza ngoba sekuzobalula ukuthi bathole amanzi. Wacela umphakathi ukuthi uyiphathe kahle lenqalasizinda yabo ngoba izosizana futhi izohlala iminyaka uma nje beyiphethe kahle.
Kanti uMnuz Skhumbuzo Mdlalose uthi inkinga yamanzi inxakile oThukela kodwa ke njengabantu bendawo ababe nethuba lokuthi bakwanzi ukuhola inzinkampani kubalilekile ukuthi bafake isandla umabekwazi.
uMdlalose uthi oMaspala uma bekhipha imisebenzi kosomabhizinisi abenze isiqiniseka sokuthi lemisebenzi yenziwa abantu bendawo khona bazokwazi ukuphosa esivivaneni ngoba usizi lwendawo belwazi.