Kuminze umtwana oneminyaka elishumi nje vo emfuleni iTholeni eyokha amanzi.
Lo mtwana womfana wasendaweni yaseTholeni kuWard 34 ngaphansi kukamaspala i-Alfred Duma, kuthiwa ubeyokha amanzi ngoMsombuluko emini njengenjwayelo ngesikhathi eshelela ewela phakathi emanzini emfuleni obugcwele njengoba izimvula bezina kakhulu nje.
Lomphakathi osube nenkinga yamanzi iminyaka, ugcina usuphephela khona emfuleni uma udinga amanzi okuphuza kanye nokwenza ezinye izidingo. Kwenzeka lesi sigameko esibuhlungu nje, kuqeda kudlula abantu abangaphezu kuka 20 kuwona lomaspala nabo bemuka namanzi emva kokugcwala kakhulu kweminye yemifula.
Lesi sigameko siqinisekiswe yiKhansela lendawo uMnumzane Mzuzwana Magasela okubeke kwacaca ukuthi yena njengekhansela wenze konke okusemandleni ekutheni lomphakathi uthole amanzi ukuze ugwema ukuthi abantwana beyokha amanzi emfuleni,”Mfowethu izindaba ezibuhlungu kakhulu lezi, kuyiqiniso umtwana uminzile ezama ukukha amanzi okuthi kuphuzwe kugezwe ekhaya. Abakade behamba naye bazamile ukuthi bamsize kodwa kwacaca ukuthi akasizakali, uze watakulwa yithimba labatshuzi kodwa ubesethule,” kuchaza uMagasela.
Ebuzwa ukuthi kungani lomphakathi usakha amanzi emfuleni namanje uthe uMaspala UThukela kuphela ongaphendula lowo mbuzo ngoba yena njekhansela ukwenze konke okusemandleni ukuthi lomphakathi ucoshe amanzi, “Angisazi nokuthi sezingaki izinyanga lomphakathi ulethelwe amanzi, angisayikhulumi ke eyokuthi aphume empompini, yinto engasaziwa. Ngisho uthi uyafona ufonela uMaspala uThukela okuyilona olubhekelele amanzi, izincingo aziphendulwa. Mhlawumbe bebefuna kona loku ukuthi kuze kube khona umuntu ofayo asazi,” kuphetha uMagasela.
Umtwana uzofihlwa kuwona loMgqibelo esiya kuwo.