Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

USIZI KUDUTSHULWA KUBULAWA UMFANYANA ONEMINYAKA EMINE

Posted on 28 October 2024

UJerimiah Xolo oneminyaka emine udutshulwe wabulawa umsolwa ongaziwa eZwelisha Ethekwini – Kwazulu Natal.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngezithuba zehora lesishiyagalolunye ebusuku izolo

Amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko kwathi uma efika athola umfanyana enenxeba lokudutshulwa ekhanda. Kuthiwa ushonile.

AbeReaction Officer baxoxisane nobaba ochaze ukuthi unkosikazi wakhe nengane babemi eduze kwe-tuckshop yendawo ngesikhathi kudlula imoto emhlophe. Umama wabe esebona ukuthi ingane iwa phansi futhi yopha kakhulu ekhanda.

Ingane ibe isidlula emhlabeni.

Utshele amaphoyisa ukuthi abasolwa bebesebenzisa imoto encane (engaziwa) nokuthi akuzwakalanga sibhamu. Umama wengeze ngokuthi ukholwa ukuthi kusetshenziswe into yokuthulisa isikhali lesi.

Ofakazi abebesendaweni eseduze babikele abeReaction Officer ukuthi akuzwakalanga kuqhuma kwesibhamu kodwa babone ukuthi ingane isiwele phansi.

Recent Posts

  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI
  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme