UNgqongqoshe wezemfundo kwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer osukwini lwayizolo ugubhe usuku iWorld Aids kanye nezinsuku aziyishumi nesithupha zokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane endaweni yaseHlathikhulu eMtshezi.
Ungqongqoshe ukwenze lokhu ngaphansi kwesikhundla sakhe sokuba ngushampeni wesifunda uThukela ehambisana nabanye abaholi beminyango eyahlukahlukene.
Ekhuluma nomphakathi uthe kuzomele kusetshenzwe umsebenzi omkhulu kakhulu wokulwisana nabantu abadala abathandana nengane encane ngoba lesi senzo singumthelela omkhulu ekuhlukunyezweni kwabantu besifazane kanye nokusuleleka kwamantombazane asemancane ngegciwane.
Uphakathi ube sewaziswa kabanzi ngezinsiza ezikhona ukuzivikela kanye nezinhlaka zezempilo zokulekelela labo asebesulelekile. Oka Frazer ube esephetha ngokuthi umphakathi kuzomele ube nobuntu ulekelele labo abahlukumezekayo ukuze silwisane nalesi sihlava.