Umgadli wakuleli ophinde abe ngu sekela kaputeni we bafana bafana ogijima ezweni lase Egypt kwi qembu le Al alhly uPercy Tau, uthe isikhathi sokubeka izaba sesiphelile manje njengoba bezodlala Umdlalo wabo wesine kulomqhudelwano kodwa bona uthi bazothatha Umdlalo Wana muhla njengomdlalo wabo wokuqala beku kulomqhudelwano.
Uqhube wathi Umdlalo wanamuhla awufani ne midlalo yama qoqo njengoba khona singekho isikhathi esanele sokuphumula, kodwa lona wanamuhla sebewuphumulele ngokwanele.
Uthe abafisi ukuthi bathethe kakhulu imiphumela yabo yaka mumfa bayifake emakhanda abo, Kuzokhumbuleka ukuthi endleleni ebheke lapha kulomqhudelwano odlalayo njengamanje ezweni lase Ivory Coast bahlangana emdlalweni yokuhlunga kowokuqala kwanqoba yona Morocco ngo 2_1 kwathi umlenze wesibili wona wanqotshwa yi bafana ngo mphumela ofanayo ngonyaka owendlule e FNB Stadium.
Uma kubhekwa ukuthi asedlala Kanjani lamazwe womabili Uma ebhekene kuyavela ukuthi iningizimu Africa iyona engaphezudlwana
Ngokomlando njengoba sebedlale imidlalo eyisishiyangalolunye, ibafana yakwazi ukuthi inqobe imidlalo 3 yadlala ngokulingana kwe mine yase iguqa kwe mibili Kusukela ngonyaka Ka 1998 beqala ukubhekana,nalapho okwanqoba khona iningizimu Africa ngo 2_1 ngama goli Ka Benni Mc Carthy Kanye no David Nyathi, akugcinanga lapho njengoba kwathi ngemva kweminyama 4
zaphinde zabhekana ezweni lase Mali nalapho okwanqoba khona yona futhi ibafana ngo 3_1.
Abafana baka Broos Kuzokhumbuleka ukuthi nabo bafuna ukuba buthuntu Uma kuziwa ngase kufakweni amagoli ngenjoba kubukeka kukuhle emehlweni abantu njengoba beshaye amagoli 4 emdlalweni 3 abayidlalile kodwa bona bazi kahle ukuthi amagoli yinto eyinkinga kubona. Kumanje I bafana inabadlali abathathu kuphela abasakwazi ukuthi babone ipali lapho elingakhona okungu Themba Zwane onamabili, Thapelo Maseko Kanye no Percy Tau.
I bafana ifika kulesisigaba nje igcine ilale isibili kwi qoqo ebebe kulona ngama phuzu ama 4 ngemva kwemidlalo yabo emithathu abayidlala.
Lamazwe azotholana phezulu kwi kundla eyaziwa ngokuthi yi Stade Laurent Pokou Stadium nge hora leshimi kusihlwa namuhla.