UMongameli wezwe uMnumzane Mmatamela Ramaphosa uthi kuyilungelo lanoma yisiphi isakhamuzi saseNingizimu Africa ukuzikhethela ukuthi uvotela liphi iqembu okhethweni.
URamaphosa ubephendula umbuzo wabezindaba mayelana nesimemezelo salowo owayenguMengameli wezwe UMnumzane uGedleyihlekisa Zuma asenze ngempelasonto eSoweto. UMsholozi uthe ngeke alokothe akhankasele futhi avotele i-ANC kaRamaphosa, futhi waqinisekisa ukweseka iqembu elisha sha Umkhonto Wesizwe.
“Sonke simulalelile uMsholozi, futhi siyaqonda uuthi uthini. Okubalulekile ukuthi wonke umuntu wakuleli unelungelo lokuvotela noma yiliphi iqembu alithandayo, naye ke uMsholozi unalo,” kusho umfo kaSamuel.
Amehlo athe njo eqenjini le ANC emva kwalesi simemezelo saleNgqalabutho yaleli qembu, eke yabhadla ejele emnyakeni emibili edlule ngecala lokunqaba ukuzoqula icala enkantolo. Kulindeleke ukuthi ukhongolose uphawule ngokusemthethweni maduze ngalesi sinqumo sikaZuma.