Isikhwama esibhekelele ukunxephezela labo abalimala ezingozini zomgwaqo kuleli iRoad Accident Fund isikhokhele abantu bokufika kuleli imali engabalelwa ku R18 Billion wamarandi eminyakeni emihlanu edlule.
Lokhu kuvezwe yiloyo oyisikhulu esiphezulu kulenhlangano uCollins Letsoalo kwabezindaba izolo. ULetosalo uthi elakuleli likhokhela laba bokufika imali ecishe ibe ngu R3.5 Billion njalo ngonyaka noma bengenazo izincwadi zokuba kuleli ngokusemthwthweni.
“Inkinga enkulu eyokuthi umuntu uyakwazi ukubhalisela ukufaka lesi sicelo ngaphandle kokuveza iPassport igxiviziwe. Abanye sithi uma sicela baveze iPassport egxiviziwe banqabe, lokho kukubeka ngokusobala ukuthi lowo muntu usuke engenazo izincwadi ezifanele zokuba kuleli,” kubeka uLetsoalo.
Lesi sikhulu sithi ngo 2022 lesi sikhwama sayeka ukukhokhela abokufika kuleli abangenawo amaPassport agxiviziwe kodwa savulelwa icala elagcina liphoqa lesi sikhwama ukuthi siqhubeke sibakhokhele.
Ngokusho kukaLetsoalo, iSA kumele iphinde izihlanganise nemikhuba yomhlaba edinga ukuthi umuntu abe nomshwalense uma evakashele kwamanye amazwe.
Uthe umthethosivivinywa omusha osalungiswa ohlongoza ukuthi kukhishwe abokufika ekufakeni izicelo kuRAF uvaliwe ukuze kuphawulwe ngawo ngo-Okthoba futhi usalinde umphumela wawo.
“Kumele [umthethosivivinywa] udlulele kwikhabhinethi udluliselwe ephalamende ukuze uxoxwe khona. Kumele silinde umbuso wesikhombisa,” esho.