I-Automobile Association (AA) isizwakalise ukweseka uphenyo ngokuqokwa kwenkampani yezobuchwepheshe yaseFrance i-IDEMIA ngokukhiqiza amakhadi ezincwadi zokushayela zesimanjemanje. Lokhu kulandela isicelo sikaNgqongqoshe wezokuThutha uBarbara Creecy sokuthi uMcwaningi Mabhuku Jikelele aphenye ngethenda ka-R898 million eyanikezwa i-IDEMIA. SEKUQUBUKE ukukhathazeka ngemuva kokuthi i-Airports Company South Africa (Acsa) isanda kunqamula inkontileka ka-R115 million ne-IDEMIA, ikhala ngemibandela engaphakathi kwinkontileka yesivumelwano yabo.
Ungqongqoshe uCreecy ucele uMcwaningimabhuku-Jikelele ukuthi ahlole ukuthi ngabe inqubo yokuthengwa kwempahla iyayilandela yini imithetho yokulawulwa kokuhlinzekwa kwempahla kanye nokuthi izindlela zokuphepha zokuvikela idatha yomuntu siqu zicatshangelwe kahle yini. Uphinde waphakamisa imibuzo ngamakhono ezobuchwepheshe e-IDEMIA, ikakhulukazi kulandela izinsolo ezihlobene nezinhlelo zabo ze-biometric ezikhumulweni zezindiza.
I-AA izwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka kwenani lethenda, isuka esilinganisweni sokuqala sezigidi ezingama-R468 kuya esicelweni sokugcina sezigidi ezingama-R898, yaphinde yagqamisa ukubaluleka kokwenza izinto obala kulolu daba. I-AA ithe, “Lokhu kusengenye futhi ifulegi elibomvu ohlwini olukhulayo lwezinkinga ngale nqubo, futhi siyakwamukela ukucwaningwa kwamabhuku nophenyo lukaMcwaningi Mabhuku.”