IBergville ingenye yezindawo zasemakhaya lapho intuthuko igqoza khona kangangokuba abantu bakhona baze bazijwaze ukuphila ngaphansi kwezimo yize zingagculisi.
Sekuphele cishe iminyaka esikhombisa umphakathi wase Rookdale enkomfeni unenkinga yomgwaqo , izakhamuzi zithi zihlezi zibika kuwo wonke amakhansela angenayo ukuhola kulendawo kodwa awubi bikho umehluko.
Ilunga lomphakathi lixoxisana nentatheli ye-UThukela News lithe, “sesinquma ukuhlanga njalo nje uma umgwaqo usugugulekile sizame ukuwugcwalisa ukuze kuzohambeka, kuke kwenzeka sawukhonka ngosimende ukuze kuzothatha isikhathi ukuthi wonakale kodwa umaspala wavele wafika wagugula. Saba nethemba ke lokuthi mhlawumbe uzowulungisa kahle ngendlela kodwa kuze kube yimanje awukaze walungiswa”.
Nakulamaholidike umphakathi uhlanganile wazama ukulungisa banethemba lokuthi ngelinye ilanga iziphathimandla ziyoyisukumela indaba yalomgwaqo ziwulungise.