USEkhethe ukusichitha isicelo sakhe sebheyili umqeqeshi webhola likanobhutshuzwayo oneminyaka engu-57 ophinde abe nguthisha wezifundo zeBhayibheli, osolwa ngokudlwengula abafana abancane. INational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal ikuqinisekisile ukuthi umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, waqoka ukuhlala esitokisini. Uzophinde avele enkantolo ngoSepthemba 17, 2024, njengoba uphenyo lusaqhubeka.
Okhulumela i-NPA uNatasha Ramkisson-Kara uthe, “Umsolwa ugcinwe esitokisini kanti uzovela enkantolo ngoSepthemba 17, 2024 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.”
Umsolwa, elingeke lidalulwe igama lakhe kuze kube uyalivuma icala ngenxa yobucayi bamacala, waboshwa ngo-Agasti 13, 2024, ngamaphoyisa aseVerulam. Ubhekene namacala amane okudlwengula, athinta abafana abaneminyaka ephakathi kuka-10 no-13.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa uboshiwe ngemuva kwezinsolo zokudlwengula abafana abane endaweni yaseWaterloo. Ngaphambi kokuthi kufike amaphoyisa, umphakathi uzibambele mathupha, washaya umsolwa.
“Imibiko iveza ukuthi umsolwa washaywa wumphakathi ngaphambi kokuthi kubizwe amaphoyisa,” kusho uNetshiunda. Uqhube wathi umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo kanti kusukela lapho usegadwe amaphoyisa.
IReaction Unit South Africa (Rusa) nayo iphendule ngemibiko yokushaywa. Okhulumela iRusa uPrem Balram uthe, “Ngesikhathi befika, abeReaction Officers bathole izakhamuzi ezilinganiselwa ku-100 zifuna igazi lowesilisa. Umsolwa ukhunyulwe ibhulukwe nempahla yangaphansi, isixuku besabisa ngokumthena.”
Leli cala selidonse amehlo ngenxa yokuqashwa kwalo mlisa esikhungweni esaziwayo neqhaza lakhe njengomqeqeshi nothisha weBhayibheli.