UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uNomagugu Simelane uzichithile izinsolo zokushoda kwemishanguzo ezikhungweni zezempilo zikahulumeni. “Asinayo inselelo yokushoda kwemishanguzo, cishe isonto noma ngaphezulu, saze saya edepho yethu. Akunankinga. Imithi ikhona. Imithi iyatholakala.”
Imibiko yakamuva iveze ukuthi umnyango udonsa kanzima ukuhlinzeka ngemishanguzo ezibhedlela nasemitholampilo esifundazweni.
Lesi simo siholele ekutheni i-ActionSA eKZN icele uSimelane ukuthi akhulume nezinsolo zokuthi abaphakeli abakhokhelwa. UNgqongqoshe uthi lolu daba seluxazululiwe.
“ Sinenselelo ngokujwayelekile njengomnyango, futhi ngenxa yalokho, kudingeke ukuthi sinciphise ukukhokhela kwethu abahlinzeki bezinsizakalo. Kodwa-ke, lokho akusho ukuthi besingabakhokheli abahlinzeki bezinsizakalo.
Kwesinye isikhathi ubuthola ukuthi kuzoba nenselelo bese kuba nenkampani eyodwa noma ezimbili ezinqume ukuyigodla imithi yazo ngoba ibingakakhokhelwa kodwa lokho sekulungisiwe.