Izinga eliphezulu kokukhulelwa kwezingane ezincane selilethe ukukhathazeka kwizikhulu zezempilo kanye nezakhamuzi kwelikaMthaniya.
UNgqongqoshe wezempilo kwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane ehambisana noNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube no Ngqongqoshe kazwelonke uMnu Joe Phahla bamukele izingane ezizalwe ngosuku lokuqala onyakeni ka 2024 kwaZulu-Natal nalapho kuvele isibalo esiphezulu samantombazanyana athole izingane, omncane kunabo bonke kube ngoneminyaka engu14 obelethele esibhedlela eEmmause Hospital eBergville.
UNgqonqgoshe Simelani usigxeke kakhulu isenzo sabazali abamukela inhlawulo kubantu abakhulelisa abantwana nathi lesi senzo kumele sinqandwe abantu abezalokhu bafanele kuboshwa nje kungavujyelwa kanjani ukuthi kukhulelwe ingane encane kangaka.
Uphethe ngikuthi labantwana kuzomele bagqugquzelwe ukuzithiba uma kubehlula basebenzise izivikeli ukunqanda lesi simo.