Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisa kanjalo nobuholi bomdabu KwaZulu-Natal u uNkk Bongiwe Sithole Moloi uchithe isikhathi nabantwana baseNquthu eZicole.
Uhlelo lokhisimusi wabantwana lwaqala ngonyaka ka 2013 lomcimbi waqala unabantwana bamakhelwane bakhe ungqongqoshe.
Njengamanje lomcimbi usuhanjelwa abantwana amangamakhulu ayisishangolombili abasuka ezindaweni ezihlukene zase Nquthu.
Kulunyaka linyuke kakhulu izinga Lalo mcimbi abantwana bebezintika ngoncamnce kanjala bathola nezipho ezisuka ku “Gogo Moloi” wabo.
Ungqongqoshe u Bongiwe Sithole-Moloi uthi kulonyaka ujabule kakhulu ngoba uyabana nomphakathi waseZicole uyameseka kakhulu kulomcimbi uthi ufisa kube nasakhiwo esikhulu lapho abantwana base Nquthu bezothola khona lonke usizo abaludingayo.
Wabonga kakhulu abazali ngokuvuma ukuthi nabantwana babo ukuzobungaza ukhisimusi.