UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uncome amathimba abhekelele izinhlekelele kanye noMnyango wezeMfundo esifundazweni ngendlela abasabela ngayo emthelela wezimvula ezinamandla ezihlasele iningi lesifundazwe.
ISouth African Weather Service (SAWS) ngaphambilini ikhiphe isexwayiso sezulu elibi eliyizinga 5 mayelana nezimvula ezilindelekile endaweni egudle ugu kanye nasezindaweni ezimaphakathi nesifundazwe.
UDube-Ncube uthi esitatimendeni lesi sexwayiso sikhishwa uma kunomonakalo omkhulu njengokugcwala kwemigwaqo nemijondolo.
Esitatimendeni, uNdunankulu uDube-Ncube ubonge amathimba abhekelele izinhlekelele, amathimba asabela ngokushesha kanye nezokuxhumana ngokuqwashisa imiphakathi ngobungozi besimo sezulu.
Uphinde wabonga uMnyango wezeMfundo esifundazweni ngokuthatha isinqumo sokuthi abafundi nothisha basheshe bagoduke ngosuku lokuqala lwesikole ngenxa yemvula enamandla.
UDube-Ncube uthi lesi sinyathelo sokusukumela phezulu sesihambe ibanga elide ukuvimbela imiphumela engaba khona, ebuhlungu. Iziphathimandla zesimo sezulu zixwayise ngokuthi imvula izoqhubeka ubusuku bonke esifundazweni.