Emizameni yokuqinisekisa ukuthi abanikazi bezitodlwana ezaziwa ngeziPaza kuleli banamaphepha afanele, uNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi uthinte uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA) ukuze wenze imithetho komasipala evimbela abantu abangenawo amaphepha ukuthi baqhube amabhizinisi kuleli.
Ngemuva kokukhala ngezimvume zabanikazi balezi zitolo elisezindaweni ezahlukene kuleli, uMotsoaledi usecela izimeya kuwo wonke amadolobha ukuthi zicwaninge ama-spaza shops ezindaweni zazo ukuze kuqinisekiswe ukuthi izitolo nabanikazi bazo zabhalisiwe.
Ama Spaza Shops aematheni ngemuva kokushona kwezingane eziningi ezisolwa ngokudla ushevu, isigameko sakamuva senzeke eTsakane ngasekuqaleni kukaFebhuwari.
UMotsoaledi uthe nakuba omasipala benezinselelo zokusebenzisa imithetho kamasipala uma kukhulunywa ngalezi zitolo, bazophoqeleka ukuthi basebenzise imithetho ebekwe yiCOGTA.
Uthe liyabonakala inqubekelaphambili eseyenziwe ngongqongqoshe wakwaCOGTA, uThembisile Nkadimeng.
“Ungitshele ukuthi sebeqedile ukubhala. Ngiphinde ngakhuluma noNgqongqoshe Wezamabhizinisi Amancane, wathi badweba uhla ngodaba lokubhaliswa kosomabhizinisi abancane.”
UMotsoaledi uthe kunesidingo sokusebenzisana kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni ukuze kuliwe nalolu daba oluqhubekayo.