Ungqongqoshe wezempilo esifundazweni sakwaZulu-Natal uNomagugu Simelane uvakashele indawo yaseHlathikhulu eMtshezi namhlanje.
Ungqongqoshe uvakashele lendawo esemakhaya engaphansi kukamaspala iLangalibalele ngaphansi kohlelo lwalomnyango olwaziwa ngokuthi, “Isibhedlela kubantu.” Inhloso yaloluhlelo ukuhambisa izidingo ezitholakala kakhulukazi ezibhedlela kubantu basemakhaya, ikakhulukazi ezindaweni eziqhelelene nezibhedlela nemitholampilo kahulumeni.
Umphakathi wakulendawo uthole ithuba lokwelashwa ekuguleni okwehlukahlukene njengoba ungqongqoshe ubehamba nodokotela bezifo ezehLukene esingabala kuzo odokotela bamehlo, abamazinyo, amathambo nokunye okuningi.
Ungqongqoshe ube esexolisa emva kokuba ubethembise ukuthi uzofika nama ambulensi amasha sha, azowethula kulomphakathi azosebenza ezibhedlela nasemitholampilo eyakhele lomaspala. Isimo sezulu ebesikhombisa ukuthi asizukuba sihle, yisona esidale ukuthi uNqongqoshe aluhoxise elokwethulwa kwama-Ambulance kwazise ukuthi umgwaqo obheke kulendawo awumuhle kahle.
USimelane ube esethembisa umphakathi ukuthi uzobuya futhi eselethe wona lama Ambulance.