UMnyango Wezasekhaya unwebe amahora ayo okusebenza ukuze kuqoqwe omazisi ngaphambi kwempelasonto yokubhalisela ukuvota.
Umnyango uthi uzovula amahhovisi awo amahora amabili engeziwe ngoLwesihlanu, kanti izakhamuzi zingavakashela amagatsha angakubo kusukela ngo-8 ekuseni kuze kube u-5 ntambama ngoMgqibelo nangeSonto.
Kule mpelasonto, i-Independent Electoral Commission of South Africa (IEC) izokwethula umkhankaso kazwelonke wokugcina wokubhalisela ukuvota emzamweni wokufaka abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile ohlwini lwabavoti okhethweni lukazwelonke lwalo nyaka.
Okhulumela uMnyango wezaseKhaya uSiya Goza usenxuse izakhamuzi ukuthi zisebenzise leli thuba.
“Izinsiza ezizohlinzekwa wukufaka izicelo nokuqoqwa komazisi nezicelo zezitifiketi zesikhashana. Ngale mibhalo, abavoti abafanelekile bazokwazi ukubhalisela ukhetho lukazwelonke lwango-2024…”
Ngokokuqala ngqa emlandweni weNingizimu Afrika yentando yeningi, uhlu lwabavoti lukazwelonke selungaphezu kwezigidi ezingama-27.
Kodwa i-IEC ifuna ukuqinisekisa ukuthi ithola iningi labavoti abafanelekile abangu-43 million ukuba babhalise.