Uhlelo lweExtended Public works elaziwa ngeEPWP lubungaze iminyaka engamashumi amabili yasungulwa izolo eEastern Cape.
Loluhlelo lwasungulwa ngonyaka ka2004 okuhloswe ngalo ukusungula amathuba emisebenzi ukuze kulwisane nendlala kwabahlwempu.
UMengameli uCyril Ramaphosa enkulumeni yakhe ayethule kulombungazo uthe ingaphezulu kuka 14 million imisebenzi edalwe yiloluhlelo selokhu laqala, Uhulumeni uhlele ukukhanda amanye amathuba angu 5million eminyakeni emihlanu ezayo. Umengameli ube esegxeka labo abangahambisi kahle uma kuqaskwa abasuke bezoba yingxenye yaloluhlelo okuthiwa beqasha izihlobo nabangani wathi loluhlelo lungelabantu bonke ngakho uma kuqashwa kumele kuqashwe ngokungachemi.
Inyonyana yabasebenzi iNational Union of Public Service and Allied Workers ( NUPSAW) Ithi loluhlelo luxhaphaza abasebenzi baholelwa amakinati kungani bengaqashwa nmgokuphelele njengoba be nikwa izinkontileka zesikhathi esifushane nje.