UNGQONGQOSHE uMnuz Senzo Mchunu usencome ithimba lamaphoyisa KwaZulu-Natal ngokuthatha izinyathelo ezinqala ezithinta iqembu labasolwa ngokubulala eNanda, enyakatho yeTheku. Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abathathu ngoLwesibili ebusuku.
Abasolwa abane abebefunwa uthuli amaphoyisa isikhathi eside bebefunelwa uxhaxha lwamacala ahlanganisa nawokubulala iphoyisa lendawo.
USergeant Yekani Thabete owayeyilungu le-KwaMashu Tracking Team wabulawa eNanda ngoJuni nyakenye.
Abaphenyi bathi abahlaseli baleliphoyisa elineminyaka engu-37 ubudala baliphuce izikhali base belidubula ngesibhamu salo.
Amaphoyisa athi leli qembu lezigebengu elibanjwe kuNombonjani Mtshali Road nalo belifunelwa amacala okubulala enziwe ekuqaleni kwalo nyaka nango-2021.
Abasolwa abathathu babulawe ngesikhathi kudutshulwana izolo ebusuku endaweni abebecashe kuyona.
Umuntu oyedwa wabaleka.
Okhulumela uMchunu, uKamogelo Mogotsi, uthe amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo.
“Ungqongqoshe uphinde wagcizelela ukubaluleka kokubhekana nengalo yomthetho zonke izigilamkhuba waphinde wacela ukubambisana komphakathi.”