Owayengungqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko, obengomunye wongqongqoshe abengamele udaba lokuthuthukiswa kweNkandla ngo-R200 million kanye nendaba yezicishamlilo, kubikwa ukuthi ukhwele wadilika kuFikile Mbalula emchaza njengonobhala Jikelele omubi kunabo bonke emlandweni we-African National Congress iminyaka engu-112.
Esitatimendeni esiputshuziwe esisakazwe kabanzi ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ekuseni, uNhleko kubikwa ukuthi ugxeke uMbalula ngokuntula ubuholi obunobuhlakani namaqhinga, waphinde wamchaza njengomuntu ongavuthiwe.
UMbalula kuleli sonto uthe i-ANC yaqamba amanga ePhalamende ukuze ivikele owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, osehola iqembu elisanda kusungulwa loMkhonto weSizwe (MK).
“Samvikela owayengumengameli uZuma, ngisho eseya ePhalamende ethi i-swimming pool iyi-fire pool. Ungqongqoshe wamaphoyisa (Nhleko) ubengaphuzile, kunzima ukuchaza amanga, abantu balahlekelwe yimisebenzi ngenxa yaleyo nto,” kusho uMbalula.
“Liye eNkantolo yoMthethosisekelo uJaji Mogoeng Mogoeng wakhipha isinqumo esishubile ngoZuma, kodwa i-ANC yama ngakuye. Namuhla, uthi ngeke akwazi ukumela umengameli (Cyril Ramaphosa) ongenaso isahlulelo ngokumelene naye.”
“Ngiqinisekile manje, futhi angithandi ukukhuluma ngalezi zinto. Ku-ANC uma sisenoNobhala Jikelele ofana nalo, omubi kunabo bonke eminyakeni engu-112 yenkululeko, ngeke sifike ndawo ngoba awukwazi ukukhuluma ungakacabangi. Ngeke kwenzeke kanjalo. Empeleni lokhu kuwukuziphatha kwenkubabulongwe,” kukholakala ukuthi uNhleko washo lokhu ngesikhathi eqoshwa.
Kubikwa ukuthi uNhleko uthe uMbalula wenza izinto zibe zimbi kakhulu ku-ANC futhi wakhala ngokuthi kunesikhala sobuholi njengoba uZuma efake iqembu elibusayo emsileni ngesikhathi ememezela ngoDisemba 16 ukuthi uzojoyina iMK Party.
“Awukwazi ukuthi umuntu onomthwalo wobuholi aziphathe ngendlela aziphatha ngayo. Kuyenza ibe kubi kakhulu,” kusho uNhleko.
“Uma ethi ngangiqamba amanga kumele asho ukuthi ubani owanikeza imiyalelo yokuthi aqambe amanga egameni le-ANC. Uma engakwazi lokho, usenkingeni ngoba uzothola ukuthi akekho umuntu onjalo ngoba wayengekho.
“Empeleni uphenyo engangilwenzile belwesayensi futhi luhambisana nemibiko yongoti abahlukene emkhakheni wobunjiniyela, ezokwakha, ezokuphepha namasiko. Uma uthi ngiqambe amanga kumele usho nabu ubufakazi bokuthi lokhu engikushilo akulona iqiniso,” kuqhuba leli zwi elirekhodiwe.
Khonamanjalo, uSihlalo we-ANC uGwede Mantashe uthe uMbalula wathatheka ngamakhamera kamabonakude nabezindaba wathi bekungamele aphinde ayivule indaba yaseNkandla.
“Bengithi uthathwe yinina, wabona amakhamera enu wathathwa wakhuluma izinto obekungamele azisho,” usho kanje.
UMantashe, evotini lokumethemba uMbalula, uthe uyakuthanda ukuthi ukhuthele futhi unomfutho, kodwa wathi kumele agade umlomo wakhe.
“Ngicabanga ukuthi yinto azoyifunda kwezohwebo. Njengoba ukhula, ukuqonda kangcono lokho. Ungasho izinto ungajabuli kodwa usho futhi uchaze kahle,” kusho yena.
Khonamanjalo, okhulumela i-ANC uMnuz Mahlengi Bhengu utshele i-EWN ukuthi ngeke bawaphendule amalungu e-ANC esidlangalaleni wathi lolu daba bazolusukumela ngaphakathi.
“UComrade Nathi uyazazi ukuthi noma yiluphi udaba lungena ngaphakathi, lokhu kuyingxenye yenqubo yethu yangaphakathi yentando yabantu,” kusho uBhengu.