Abahlali basezindlini zikamasipala waseNdumeni eziyisishagalolunye babhekene nokuxoshwa ngemuva kokuthi uMkhandlu waseNdumeni unqume ukufala lezo zakhiwo endalini.
Indali izoba ngoFebhuwari 7. Abahlali, iningi labo okungabasebenzi balo masipala, banikezwe kuze kuphele uFebhuwari ukuthi baphume baphele kule ndawo.
Kodwa-ke abathintekayo bakhala ngokuthi umasipala wabacwasa njengoba labo abahlala kwezinye izindlu zoMkhandlu banikezwa ithuba lokukhokha idiphozithi futhi bakhokhe imali esele ngendlela yohlelo olwaziwa ngokuthi yi’Rent to buy”, kuloluhlelo umthengi ukhokha irenti njalo ngenyanga kodwa Uma imali isiphelele imali yendlu ayithathe Kube ngeyakhe.
“Besibandlululwa ngenxa yepolitiki njengoba abanye abahlali ezindlini ezingadayiswa bekuvumelekile bakhokhe imali kancan kancane. Saphucwa lelo thuba saze safuna ukubolekwa imali emabhange ukuze sithenge imizi esesihlale kuyo iminyaka eminingi,” kusho uMnuz Slovo Mbatha ongomunye walabo okuthiwa bazoxoshwa.
“Odabeni lwami angikwazanga ngisho ukubolekwa imali ebhange njengoba indlu engihlala kuyo isendaweni eyodwa nezinye ezintathu zikamasipala. Isiza sidinga ukuhlukaniswa iziqephu okuyinto umasipala ongayenzanga.”
Ekhulumela abaqashi abathintekayo, uMbatha uthe bakhokhela umasipala irenti nama-rates ahlobene nemakethe yize izindlu zingekho emagameni abo.
“Umasipala unomsebenzi wokuhlinzekela bonke abahlali ngezindlu. Yize kunjalo bayasincisha leli lungelo singabasebenzi babo siphathwa ngendlela engafanele,” kusho uMbatha.
Uthe umasipala awuzange uziphendule izincwadi ezathunyelwa ngoNovemba 2023 nangoJanuwari 18 lapho abaqashile bachaza khona ukuthi abanayo enye indawo yokuhlala futhi indali imiswe.
“Manje akukho okunye esingakwenza ngaphandle kokuthi siye kwiKhomishini Yamalungelo Abantu, uMvikeli woMphakathi kanye noMcwaningi Mabhuku.”
Emaphepheni anikezwe umasipala, abaqashi abathintekayo bathi isinqumo sokudayiswa kwendlu siwukuhlukumeza amalungelo abo kanye nemindeni yabo futhi ilungelo.
umaspala ubungakaphenduli ngalolu daba.