Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UMASPALA UPHIKA IZINSOLO ZOKUBEKELA UNKOSIKAZI WEKHANSELA ISIKHUNDLA ESIPHEZULU

Posted on 10 August 2024

Kunamahlebezi abelokhu evela ukuthi Kumaspala inkosi Langalibalele kunesikhala esibekelwe umfelokazi wekhansela elashona. Lesi sikhala somsebenzi kuthiwa sinomhlomulo ongu R500 000 ngonyaka. Azishwashwathayo bathi uma uke wakhombisa ukusifuna lesi sikhundla uthola ukusatshiswa.

IMenenja kamaMaspala uMnumzane Sthembiso Mthembu uwaphika uma ngentaba lamahlebezi uthi amampunge nje lawo ashiwoyo ukuthi kusatshiswa abafuna ukufaka izicelo zokuzovala lesi sikhala.

“Ngikhuluma nawe nje bathathu ababizelwe kwinhlolokhono ngoLwesibili. Ngakho akusilona neze iqiniso ngoba nezinto ebezifuneka bekucacisiwe ukuthi phakathi kwazo kudingeka uMatric bese kuba iziqu zeMfundo ePhakeme. Akekho neze umuntu osatshisiwe kodwa bonke abasebenzi banikeziwe ithuba ngoba isikhangiso bekungesangaphakathi,” kusho uMthembu.

Ukusho lokhu nje abasebenzi benze izinsolo zokuthi uMthembu ubasabisile wafonela omunye wabo wathi akangalokothi afake isicelo kulo msebenzi.

“Kuthe uma lona omunye esesifakile isicelo, wamfonela uMenenja emthethisa, wathi usebone kungcono athumele umngani wakhe ukuba afake isicelo ngoba nakhu yena engasasifakanga,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa nangengozi.

Umthombo udalule ukuthi abantu ababizwe kule nhlolokhono kube umfelokazi kaMnuz Mthembeni Majola we-IFP, kwaba omunye wabasebenzi okuthiwa wafaka isicelo ngenkani kwase kuba umsizi kaSomlomo.

Umsindo ngalesi sikhundla kuthiwa uqale ngoLwesihlanu ngesonto eledlule.

1 thought on “UMASPALA UPHIKA IZINSOLO ZOKUBEKELA UNKOSIKAZI WEKHANSELA ISIKHUNDLA ESIPHEZULU”

  1. Jabulule says:
    13 August 2024 at 4:56 am

    Weee kungaba liqiniso ngibona igama elithintekayo

Comments are closed.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme