UMHOLI we-EFF uJulius Malema usememezele ukuthi iqembu lakhe lizimisele ngokujoyina iGovernment of National Unity (GNU) uma sekuwa umbimbi phakathi kwe-ANC neDA.
Ekhuluma emhlanganweni wesithathu we-EFF kuNational People’s Assembly ngeSonto eNasrec Expo Centre eGoli, uMalema uzwakalise ukuzethemba ngeqhaza leqembu esikhathini esizayo ekubuseni. “Ningajahi. Silinde ngesineke ukungena kuhulumeni maduze. Uma uHelen Zille esephumile, sizongena kwiGNU. Sikulungele ukuphatha, ngakho-ke asilungiselele ukuthatha uhulumeni ngo-2026,” usho kanje.
Izithunywa ezivela ezweni lonke zihlangene emhlanganweni ukuzokhetha abaholi abasha eminyakeni emihlanu ezayo nokuhlela amasu okhetho lwasekhaya luka-2026. UMalema unxuse amalungu ukuthi akhe kabusha izinhlaka zendawo, amawadi, nezifunda ukuze kuqiniswe iqembu ngaphambi kokhetho.
Uxwayise ngokuthi i-GNU ingase ingahlali isikhathi eside, ibikezele izingxabano zangaphakathi ku-ANC mayelana nomthethosivivinywa weBasic Education Laws Amendment (BELA). “Uma uRamaphosa engawusayini uMthethosivivinywa we-BELA, angase asuswe yiqembu lakhe, bese kuvela umengameli omusha omelene ne-GNU,” kusho uMalema.
Umholi we-EFF uphinde wafunga wagomela ukuthi kuzoba nemibhikisho kazwelonke uma lo mthethosivivinywa we-BELA ungasayinwa, wathi, “Akekho ozokhishwa esikoleni sikahulumeni ngenxa yebala lesikhumba noma ulimi.”
UMalema uphinde wamemezela ngezinhlelo zokwakhiwa kwesikole esisezingeni eliphezulu okuhlanganisa nedamu lokubhukuda, okungenzeka ukuthi uxhaswe yihhovisi lenxusa laseChina. “Sizoqinisekisa amazinga afanayo nezikole zabamhlophe,” esho.