Amaphoyisa aKwaZulu-Natal avumile ukuthi ukwanda ngesivinini kwesibalo sabantu baseNanda kwenza umsebenzi wamaphoyisa ube yinselelo.
NgoLwesibili, uhulumeni wesifundazwe kanye nabaphathi bamaphoyisa bahlangane nomphakathi wase-Amaoti mayelana nokukhathazeka kwawo.
Izakhamuzi zikhala ngokuthi ezinye iziteshi zamaphoyisa azisebenzi nhlobo.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe ukwanda kwemijondolo kule ndawo kwenza kube nzima ukusebenza kwamaphoyisa.
“Inselelo enkulu kule ndawo ukuthi umphakathi uyakhula, futhi ukhula ngendlela engahlelekile – abantu bavele bazinze noma yikuphi lapho bethanda ukuzozinza khona, kanti abaningi abafikayo bagcina beqashile kule ndawo.
INanda yaziwa kakhulu ngendawo yobugebengu KwaZulu-Natal, kanti isike yabizwa ngokuthi inhlokodolobha yokudlwengula kuleli izikhathi ezingaphezu kwesisodwa.
UMkhwanazi uthe ukusetshenziswa kwezidakamizwa kungesinye isizathu sobugebengu obudlangile kule ndawo.
“Amaphoyisa enza konke okusemandleni ethu ophiko lwezobunhloli ukuzama ukuthola umthombo wezidakamizwa ngoba izidakamizwa yizo ezenza le ntsha ibe nodlame njengabo.
UKhomishana wamaphoyisa uveze ukuthi izinga lokuphuma kwesikole linomthelela ebugebengwini.