Umqeqeshi we Golden Arrows uSteve Kompela uthi akungabongwa yena ngoba naye akanawo umlingo wokuthi angafika izolo bese kusasa usevuna izithelo.
UKompela usho kanje emva kokunqoba emdlalweni obukade ungempelasonto laph ezakhe iMoroka Swallows ishaye iBaroka FC ngegoli elilodwa eqandeni.
Ukunqoba kwabo osukwini lwayizolo kuqeda ishobolo lemidlalo eyushumi nanye bengakaze banqobe. UKompela uthe kumele kubongwe umsebenzi wethimba labaqeqeshi ebelikhona ngaphambi kokuba kufike yena ngoba ilona elenze ukuba kuze kutholakale lomuphumela.
“Okwami kube ukufika nje ngifake umdlandla, akumina owenze banqoba, ukubagqugquzela nje kuphela ubakhumbuze ukuthi basaseyilona leli qembu eliqale kahle kusaqala isizini, bese kuba nenhlanhla phezulu ngoba nayo iyadingeka,” Kuchaza lomqeqeshi osanda kulaxaza iMoroka Swallows.
Ukunqoba kwe Arrows ngegoli lika (Nduduzo Sibiya) lapha Kuba Nike ithuba lokuthi baphefumule kagcono futhi kubasize ukubalekela izembe. Njengamanje bahleli kunombolo 8 ngemva kwemidlalo engu – 20 bana banamaphuzu angu – 26.
Imana beyehlele amaqembu aseKZN kuleli sonto njengoba nezika Mamkhize (Royal AM) nazo zikwazile ukuthi ziqoqe amaphuzu amathathu ngokuthi zishaye Cape Town City ngo 2_0 Ngamagoli Ashaywe ngu S. George (36) Kanye no S Sithole (58).
Nansi eminye imiphumela edlale kulempelasonto
Mamelodi Sundown 2-0 Chippa
Richards Bay 0-0 Ts Galaxy
Swallows 1-4 Sekhukhune
Stellenbosch 1-1 Cape Town Spurs
Supersport 1-1 Amazulu
Orlando Pirates 3-2 Kaizer Chiefs.