Ikhuze ukubulalana ngesibhamu nokudlwengulwa kwabesimame iNkosi yesizwe saMaZulu Inkosi uMisuzulu kaZwelithini.
Indlulamithi ibikhuluma emkhosini womhlanga obubanjelwe kwaNongoma eNyokeni. lomgubho besekungowamashumi amane kusukela waqala ukuba khona kwaZulu. Kulonyaka ububungazwe Yinkosi yasezweni lase-Uganda, Inkosi UMswati kanye neNldovukazi yesizwe saMaPedi. Ubekhona nondunankulu waKwaZulu-Natal uThambi Ntuli kanye nabanye osopolitiki.
Ongangezwe lakhe ethula inkulumo yakhe ugxeke kakhulu ukubulalana kwabantu kulesi sifundazwe,”ake siyeke ukubulala kangaka. Isizwe sethu sidume kabi ngokudubulana nokudlwengulwa kwabantu besifazane. I-Africa yonke le saziwa ngezinto ezimbi sibe siyisizwe esihlonishwa umhlaba wonke. Ake sifunde ukubekezelelana,” kubeka okaMdlokombane.
Yize noma inkulumo yeSilo iphazanyiswe ukuna kwezulu elivele layishaya nje esezoqala ukukhuluma, izintombi zibonise ukumjabulela kakhulu okaMdlokombane njengoba zibekezelele imvula ebiyishaya ngesikhathi ekhuluma.