Ukhala uyazithulisa umphakathi waseTholeni ngenkinga kagesi ehlasele lendawo okuthiwa sekuphele iminyaka engaphezu kweshumi ingalungiswa.
Lomphakathi walendawo engaphansi kukaWard 4 kumaspala wase-Alfred Duma, uthi awusazi ukuthi kumele uthatheni uhlanganise nani ukuze u-Eskom uzizwe izikhalo zawo. Ilungu lomphakathi elikhulume naleli phephandaba lithi, akusekho impela abangakwenzanga ukuzama ukulungisa lesi simo,
“mfwethu, indaba kagesi siyikhulumile nekhansela elandulela leli elikhona uMnumzane uNkabinde, sangasizakala. kwaze kwaba kungena leli elikhona njengamanje uMagasela namanje akulungi. u-Eskom nawo sabika kuwo, ngisho umaspala imbala nawo wehluleka,” kuchaza lesi sakhamuzi.
Lomphakathi uthi logesi ngendlela ongenamandla ngayo, noma liguqubala nje linganile uvele uhambe, “siyakubona nje lokhu kukahulumeni kukagesi oncishisiwe ohamba kathathu ngeviki, kodwa lapha ngakithi uma nje kuke kwanomoya, ugesi uyahamba kodwa ube ukhona ezindaweni esakhelene nazo ezinjengoLimehill no-Uitval, yinto enjani leyo?”
Lithintwa ikhansela lendawo uMnumzane Mzuzwana Magasela uthe kwayena iyamxaka lena kagesi ngoba ayilungiseki, “mfwethu ayikho into engingakayizami ngendaba kagesi kuward 34, ngababiza abantu bakwa-Eskom ukuthi bezochazela umphakathi ukuthi konakelephi kodwa akucaci namanje. Saze saxabana nenye iMenenja yakhona ngenxa yokuthi ngangihlupha ngifuna izimpendulo. Ngikhuluma nje yaze yangivulela icala ingisola ngokuyisabisa.” kunaba uMagasela.
UMagasela uqhube wathi njengoba kuza izikhathi zikakhisimuzi nje, bayazi ukuthi kuzovele kubhede kakhulu, “sesiyazi nje ukuthi ngoKhisimuzi nangoNyuye, sisuke singenawo thina ugesi. Cabanga nje ukuthi yisikhathi esibucayi kanjani leso ngoba abantu basoke bethenge ukudla kukuningi futhi begcwalise amafriji, iningi laloko kudla kuyonaka,” kuqhuba uMagasela.
UMagasela uphinde wakhala ngomgwaqo ohlanganisa lendawo kanye nedolobha iDundee, nokungelinye laladolobha izakhamizi zakulendawo ezilisebenzisayo nsuku zonke. uhlabe ikhwelo kuNqogqoshe wezokuthutha e-KZN uMnumzane uSiboniso Duma ukuthi ake angenelele ngoba lomgwaqo awusekho esimeni sokusetshenziswa umphakathi.
Siyabonga kwintatheli eshicilele udaba lukagesi waseTholeni , Ayi sixakekile kubi kakhulu mfethu asihlukile nje kubantu abangenagesi endaweni yangakithi , ngoba kuza amaholidi kaKhisimusi asazi noma sidlale iszitokfela noma siyeke ngoba sinovalo lokubolelwa ukudla. Siyacela Eskom ube nozwelo kithi uyisukumele lenkinga esibhekene nayo. Ngiyabonga