Inkakha yebhola kuleli eyazakhela igama kwiKaizer Chiefs uJabu Mahlangu, iyaqhubeka nokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa emiphakathini, ifuna ukusiza intsha igweme amaphutha eyawenza.
UMahlangu ubeyingxenye yeqembu lezingwazi zebhola ezidlale emqhudelwaneni i-CPC-Diski99 “Stop Drug Abuse” e-Dr Petrus Molemela Stadium eBloemfontein ngempelasonto.
UMahlangu udalule ukuthi kungani kubalulekile ukuthi abe sekhaleni lempi yokulwa nezidakamizwa.
“Nami ngihloniphekile futhi ngithanda ukubonga iCPC neDiski 99 ngalo mkhankaso othi ‘Say No To Drugs’ ngoba wumkhankaso osondelene nenhliziyo yami,” kusho uShuffle kwiSABC Sport.
“Njengoba sonke sazi indaba yami, ngangiyisisulu sezidakamizwa empilweni yami ngesinye isikhathi…
“Futhi ngiyisisulu sokuphuza ngokweqile utshwala, ngakho-ke kuyisinyathelo esihle kakhulu.”
Ngesikhathi ekhula kahle ebholeni lakhe, uMahlangu, ngaleso sikhathi owayaziwa ngelikaJabu Pule, wenza amaphutha amaningi ngaphandle kwenkundla.
Uthi njengoba eseneminyaka engu-43 nje, akuyona into angayicabanga kabili ukuzibandakanya ohlelweni olufana nalolu.
“Ngiyazi ukuthi izidakamizwa zingayiqeda kanjani imisebenzi, ngiyazi ukuthi izidakamizwa ziwacekela kanjani phansi amakhaya…
“Futhi ngiyazi ukuthi izidakamizwa zingabuqeda kanjani ubungane, ngakho ngijabula kakhulu ngokuba yingxenye yalolu hlelo olukhulu,” kwengeza yena.
“Madoda ake sizame ukuthi cha ezidakamizweni! Izidakamizwa aziyona indlela.
“Izidakamizwa azisona isixazululo kunoma iyiphi inkinga onayo.”