Umlisa oneminyaka engu-40 ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula indodakazi yakhe angayizali eneminyaka engu-16 ubudala, wayithelela nge-HIV.
Ngesikhathi kuqhubeka icala kuvele ukuthi isisulu sathi sanukubezwa nguyise ongasizali ngo-2020 sihlala emjondolo eBloemspruit nonina, udadewabo omncane kanye naye lomlisa.
Isigameko okuthiwa senzeka ebusuku ngesikhathi unina kamufi elele esibhedlela. Ngemuva kwalokho isisulu sathola ukuthi sine-HIV ngemuva kokugula sicabanga ukuthi sikhulelwe.
Icala lafakwa ophikweni oluphenya amacala okuhlukunyezwa komndeni, ukuvikelwa kwezingane, namacala ocansi eMangaung laphenywa uSergeant Makhetha obesebenzisana kakhulu nophiko lwezokushushiswa kuzwelonke, u-Advocate Cwele. Usingababa oneminyaka engu-40 ubudala ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula ngesihluku.