Ugwetshwe udilikajele unogada wesikole samabanga aphansi eMpangeni ngecala lokudlwengula ingane. Inkantolo yesifunda ilalele indlela u-Ayanda Lembede ahlukumeza ngayo izingane zesikole ezimbili ezineminyaka eyisishiyagalombili neyisishiyagalolunye phakathi kuka-2021 no-2022.
Kukholakala ukuthi uLembede, 37, usabise ngokuthi uzozibulala izingane uma etshela noma ngubani.
Okhulumela i-NPA eKZN uNatasha Kara uthe enye yamantombazane igcine ithululele isifuba kunina.
Omunye umfundi wabe esekhuluma ngemva kwalokho.
“INkantolo yesiFunda yaseMpangeni igwebe u-Ayanda Lembede udilikajele neminyaka engu-10 ngecala lokudlwengula, lokunukubeza ngokocansi izingane ezimbili ezineminyaka eyisishiyagalombili neyisishiyagalolunye.
“Ngesikhathi ephinde wathweswa icala lokudlwengula enye intombazane, inkantolo yamlahla ngecala lokuhlukumeza ngokocansi. Ngenxa yalokhu, ugwetshwe iminyaka engu-10 ejele.
“Uphinde wahlonzwa njengomuntu ongakufanelekeli ukuba nesibhamu. Ngaphezu kwalokho, inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi igama lakhe libhalwe kwiNational Register for Sex Offenders futhi athathwe njengomuntu ongakufanele ukusebenza nezingane.”