NgoLwesihlanu zingama-25 kuMfumfu wezi-2024, iNkantolo yeMantshi yaseMadadeni yagweba uSandile Philemon Luthuli (41) ngokudayisa izidakamizwa.
Ngomhla zingama-25 kuMfumfu wezi-2024, amalungu oKlebe aphuma eNewcastle Serious Organised Crime Investigation athola ulwazi mayelana nomuntu owayephethe isibhamu esingekho emthethweni futhi osebenza ngezidakamizwa eBlaaubosch e-Osizweni. Amaphoyisa enze umkhankaso wobunhloli asesha ikheli, athola izinhlobonhlobo zezidakamizwa kuLuthuli.
ULuthuli waboshwa ngokushesha wathweswa icala lokudayisa izidakamizwa. Izidakamizwa ezishaqiwe, ezilinganiselwa ku-R26 000-00, zishaqwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Ummangalelwa uvele kaningi enkantolo kwaze kwaba ngumhla zingama-25 kuMfumfu wezi-2024, lapho etholwe enamacala amabili (2) okudayisa izidakamizwa. Ummangalelwa ugwetshwe iminyaka emibili (2) ebhadla ejele futhi kwathiwa akakulungele ukuba nesibhamu.
Inhloko yophiko oluphenya amacala abekwe phambili KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona usamukele lesi sigwebo futhi uncome amalungu ngomsebenzi omuhle awenzayo.