UTHANDA umsebenzi wakhe kwiGagasi FM, uFelix Hlophe, ongumsakazi ophinde abe ngusomahlaya, lapho eshayela khona uhlelo lwasekuseni olubizwa ngokuthi The Uprising with Minnie Ntuli. Uthi ukusebenza kulo msakazo ozinze eThekwini kuyiphupho futhi uzizwa njengempumelelo enkulu.
UFelix wenqabE izithembiso zemisakazo emikhulu ngoba ethanda ukuzwakala kwiGagasi FM futhi efuna ukwethembeka. Uphinde alingise ohlelweni olusha lwangempela, i- Life with Felix Hlophe oluqale ukukhonjiswa kuMzansi Magic ngoMeyi 8. Lolu hlelo luxoxa ngempilo yakhe njengomyeni ongubaba wezingane eziyisithupha, usomahlaya aphinde abe umethuli wezinhlelo. Iphinde ikhulume ngesifiso sakhe sokuthatha isithembu axoxa ngaso nomkakhe uTracy.
UFelix uke wabhekana namahlebezi ngokushiya iGagasi FM aye kuMetro FM, kodwa uthi ujabule lapho ekhona. Muva nje, iGagasi FM noFelix baqokwe emiklomelweni ye-Best of Durban Reader’s Choice Awards 2025. Ujabule ngomsebenzi wakhe futhi ubonga uxhaso lwabalandeli bakhe, ehlose ukuqhubeka nokubajabulisa emisakazweni nakumabonakude.