Emva kwesigameko esenzeke endaweni yakwaCeza emkhosini wokukhumbula iNkosi Dinuzulu kaCetshwayo lapho kubonakale khona uSihlalo we-ANC kwaZulu-Natal uSiboniso Duma ehlwitha umbhobho wokukhuluma kuNdunankulu KaZulu uMnumzane Thulasizwe Buthelezi esethula iNkosi uMisuzulu kaZwelithini, uDuma uthi isikhundla sikaNdunankulu kaZulu asikho kumthetho sisekelo wakuleli ngakho naye akusona isikhundla asithathela phezulu.
UDuma ubenengxoxo ekhethekile noXoli Mngambi wesiteshi sikamabonakude iNewsroom Africa ngaloludaba. Ebuzwa ukuthi kungani enze lokhu, uDuma uthe uShenge akaqali ukwenza into ekanje,” nasemkhosini wamaganu, uButhelezi wakhwela wadilika kwamanye amalungu kaKhongolose engashongo lutho kuye, nakulomcimbi ubekhuluma ngoMtolo, engekho nokuba bikho kulomcimbi, njengomphathi wohlelo bengingeke ngivumele ukuthi lokho kwenzeka, futhi loyana bekungumcimbi kahulumeni hhayi umcimbi wasendlunkulu” kuchaza uduma.
Ebuzwa ukuthi ukube lokhu bekwenziwa nguMtwana wakwaPhindangene esenguNdunankulu ubezokwenza okufanayo yini, uphendule wathi uMtwana wakwaphindangene ubengeke akwenze lokhu okwenziwe nguThulasizwe, “ukhumbule ukuthi umtwana wakwaPhindangene naye ubeyinkosi, uyawazi umthetho. Nginesiqiniseko sokuthi ubengeke akwenze lokhu.”
lokhu kudonsisana phakathi kwalaba baholi ababili kulandelwe yizibhelu lapho kulimale khona malungu eqembu le-ANC abalelwa eshumini. Zikhona izinsolo zokuthi lezi zibhelu zidalwe yilenxushunxushu ebiphakathi kwabo. i-ANC kwaZulu Natali sisole amalungu e-Inkatha Freedom Party ngokuthi yiwona alimaze amalungu awo, kanti ngakolunye uhlangothi i-IFP ikhiphe isitatimende yaziqhelelanisa naloludaba.