Ukubulawa kwabantu kuleli kusezingeni eliphezulu kakhulu, ngokwezibala zobugebengu ziveza ukuthi abangu 68 abantu ababulwa nsuku zonke kuleli.
Abantu besifazane kanye nezingane uma kubikwa kuyaye kube ngathi yibona bantu abayizisulu zokuhlukunyezwa kanye nokubulawa kuleli. Ngokocwaningo olwenziwe yiSouth African Medical Research Council (MRC) luveze ukuthi u87% wabantu ababulawayo eSouth Africa ngabantu besilisa, lolucwaningo lukuveza obala ukuthi abantu besilisa basengcupheni eningi yokubulawa.
UProf Richard Matzopoulos uthi lolu ngucwaningo lokuqala olwenziwe kwabesilisa njengoba bekuhlezi kwenziwa olwabesifazane. Uqhube wathi ngisho izingane ezincane ezineminyaka engu 0-4 ezabafana zingo 80% ezibulawayo uma ziqhathaniswa nezamantombazane.