UNosiphiwe Khumalo ona (37) wase-Oliviershoek, eBergville ngaphansi kuka-ward 08 kuMasipala wasoKhahlamba ucela usizo emphakathi.
UNosiphiwe elandisa iphephandaba uzichaze kanje ” ngingumuntu okhubazekile yize kunjalo angisiye umuntu ovilaphayo kangangoba ngike ngabamba iqhaza kwi-ward committee ngoba ngikhathalele intuthuko.
Nginenhlangano engiyiqalile Onesiphiwo Foundation engihlose ngayo ukuxwayisa abantu nentsha yasendaweni ngezindlela ezihlukahlukene zokukhubazeka nokuthi kuphilwa kanjani nabantu abakhubazekile. Ngihambela amakhaya, amaclinic,izikole, izinhlangano ezisiza umphakathi ezizimele nezingaphansi kukahulumeni, amasonto nemihlangano yemiphakathi ejwayelekile”.
Uqhube wathi ” uphinde afundise nangamalungelo abantu abakhubazekile abanawo njengezakhamizi zezwe nendima engadlalwa ngamalunga omphakathi ukubavikela abantu abakhubazekile”
Isifiso sakhe ngukuthola umsamaria olingileyo ongamunikelela nge wheelchair kagesi ( Electric wheelchair) ngenxa yezingalo zakhe akanawo amandla okuyithenga iyabiza njengoba ingabiza imali elinganiselwa ku R40 000,iwheelchair kagesi ingenza umahluko omkhulu empilweni yakhe njengoba izokwenza kubelula ukuba aziyele eclinic, esontweni nakwezinye izindawo.
Njengamanje isikhathi esiningi usichitha elele embhedeni ngoba akakwazi ukuhamba.
Lentokazi ithi icela uMasipala wangakubo OKhahlamba nowasoThukela, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, iHhovisi likaNdunankulu nelikaMengameli wezwe kanye nosomabhizinisi nabangakhona ukusiza bamusize ukushintsha impilo yakhe kulesi simo.
Ephetha ucele ukuba nomnyango wezokuthutha ubasize ukulungisa umngwaqo ahamba kuwo njengoma isimo sawo singakulungele ukuhamba abantu abanesimo sakhe okungalimaza kwayona iwheelchair ayisebenzisayo.
Ongafisa ukumsiza angamthinta ku-
078 446 9042 noma angibhalele ku-
[email protected].