UMoises Armando Mate, 32, ongowokudabuka eMozambique, ugwetshwe izinyanga eziyisithupha ebhadla ejele futhi angase akhokhe inhlawulo ka-R6 000, eyalengiswa iminyaka emithathu ngaphansi kombandela wokuthi kule minyaka emithathu angatholakali enze icala elifanayo lokutholakala esiza noma yimuphi umuntu ngokungemthetho ukuthi angene, ahlale noma asuke eNingizimu Afrika.
Umsolwa uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKomatipoort ngoLwesihlanu, zingama-27 kuZibandlela wezi-2024, ngemuva kokuboshwa eKomatipoort ngemva nje kokushushumbisa izingane ezingu-14 zaseMozambique, zonke abesifazane abaneminyaka ephakathi kuka-04 no-16 ubudala ezifaka eNingizimu Afrika ngoLwesihlanu, zingama-06 kuZibandlela wezi-2024.
Ngokwemininingwane, ikhumbi ebigcwele amantombazane angu-14 imiswe amalungu eBorder Management Authority ku-N4 eduze kwelinye lamagalaji kaphethiloli.
UMate kanye nezisulu banikezelwe ku-Komatipoort SAPS, kwavulwa icala lokushushumbisa abantu. Izisulu zinikezelwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukuze ubahlole ngaphambi kokuba babuyiselwe ezweni labo.
Icala lidluliselwe kwiDirectorate for Priority Crime Investigation ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
UMate uvele enkantolo izikhathi ezimbalwa ngaphambi kokuthi avume icala ngoLwesihlanu, zingama-27 kuZibandlela wezi-2024. Inkantolo yakhipha isigwebo ngemuva kokuthi uMate elivumile icala njengoba ayebekwe lona.
Inhloko yophiko oluphenya ngamacala abalulekile esifundazweni saseMpumalanga, uMajor General Nico Gerber, usamukele isigwebo. “Ukusiza nokukhuthaza abantu ukuthi bangene, baphume, noma bahlale eRiphabhulikhi ngokungemthetho kubukela phansi kokubili imithetho yezwe nesithunzi somuntu,” kuxwayisa uJenene.