Ubuholi be African Natiol Congress (ANC) obuholwa umengameli uMnuz Cyril Ramaphosa buhambele isifundazwe ikwaZulu-Natal kulempelasonto.
Umengameli we ANC uMnuz Ramaphosa yena ubehambele eMoses Mabhida Region eMgungundlovu kanye nethimba lakhe.
Kanti kwisifunda I-Josiah Gumede Region oThukela ibihanjwelwe usihlalo kuzwelonke uGwede Mantashe amalunga esigungu esiphezulu okungu Dokotela Joe Phaahla, Nkkz. Stella Ndabeni Abrahams kanjalo namalunga esigungu esiphezulu kwaZulu-Natal u numz. Jomo Sibiya, Nkkz Nomsa Duba Ncube kanjalo nomgcini mafa wesifundazwe u Dkk.Ntuthuko Mahlaba.
Kanti u Mantashe ekhuluma namalunga e ANC eJosiah Gumede uthi i-ANC ayenzanga kahle kwaZulu-Natal kanjalo nakuzwelonke. Uthi yingakho bethathe isinqumo sokuzokhuluma namagatsha kanjalo nezifunda ukuzozwa ukuthi ngo 2026 bangali nyusa kanjani izinga.
Uphinde waqinisa idolo amalunga e enhlangano ngokuthi noma bangangenza kahle kodwa manje sekuyisikhathi sokuvuka bezithintithe balungise amaphutha babuyele emphakathini bayoxoxa bavuselele kabisha ukhongolose.
Noma kunjalo unobhala wenhlangano eJosiah Gumede Region uMnuz Bonga Hlomuka uthi loluhlelo lwesigungu esiphezulu lokuza kwizifunda luhle futhi lizokwazi ukubaqisa idolo nabo njengabaholi bezifunda ukuthola ukwesekwa ubuholi obuphezulu.
Kodwa uthi uyafisa engathi ubuholi be ANC bungayibheka kakhulu le yenkinga yamanzi oThukela ngoba abantu balokhu bekhale njalo kubona ngamanzi.