Abasebenzi, amakhansela kanye nezikhulu zomkhandlu uThukela zivalelise obengu Manenja yomkhandlu (MM) uMnuz MpUmelelo Mnguni osethathe umhlalaphansi .
UMnguni ube ngumenenja iminyaka emibili emkhandlwini wasoThukela. Lapho weyengene ezicathulweni zika uMnuz Sithole owasula ngemva kokungena kobuholi obusha oThukela emva kokhetho lohulumeni basekhaya.
UMnguni ubonge ithuba lokuthi abayinxenye yomndeni wasoThukela waphinde waveza ukuthi yebo izinselelo zikhona kodwa kuyadingeka ukuthi ubhekane nazo futhi uphinde ukwazi ukusebenzisana nabanye abantu abaseduze kwakho.
UMnguni uthe, “sengineminyaka engamashumi amane nangaphezulu ngisebenza nomphakathi, ngibe uthisha ngaba uthishomkhulu nginamimyaka engu 21 ngakho lonke loluhambo ngiluhambe nemiphakathi eyahlukene ngibonga ithuba nje nokuthi sisebenzisane kahle nani” kusho Mnguni
Kanti imuthombo ethembekile ithi kungahle kungene uMnuz Langelihle Jili ukuba ngumenenja
UThukela lunoqweqwe lemenenja eMnyangweni wamanzi nokuthuthwa kwendle uMnuz Shaka Cele abaningi babheke yena ukuthi angaba I manenje yomkhandlu njengoba ubengu menenja kumaspala wase Dannerhouser kanjalo nakumaspala wese Dumbe futhi bathi abanye angawenza kahle lomsebenzi .