NgoLwesihlanu, abeSA Weather Service bakhiphe isexwayiso sezinga eliphuzi lesibili mayelana nokuduma kwezulu okunamandla.
UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu e-KZN uthi miningi imizi ecekeleke phansi eManzamnyama eNkandla, bathi uMnyango kazwelonke ususukumele phezulu ukusiza abantu abathintekayo.
Khonamanjalo, okhulumela iKZN Cogta, uSenzo Mzila, uthe nezinye izindawo zithintekile.
“Iziphepho ezilethe izimvula ezinamandla, isichotho nomoya onamandla, zicekele phansi izindlu ezingaphezu kuka-180.
“Indawo ekhahlamezeke kakhulu yiMbulwane, kuWadi 1 kuMasipala waseMvoti, lapho abantu abangu-718 bakhahlanyezwe yisichotho. Ngenhlanhla abekho abashonile kulesi sigameko.
“Esifundeni uMgungundlovu ngaphansi kukaMasipala waseMpofana, umoya onamandla nemvula enamandla kucekele phansi izindlu eziyisikhombisa.
“UNgqongqoshe ukuncomile ukusabela ngokushesha kwamathimba alawula izinhlekelele ahlinzeke ngosizo oluphuthumayo kanye nosizo ezakhamuzini ezikhahlamezekile.