Singase siwelele osukwini lwakusasa isiteleka sabasebenzi bakwaMaspala Uthukela. Osukwini lwanamuhla, ngomhla ka-2 kuDisemba 2024, abasebenzi balomaspala babeke phansi amathuluzi bamashela ehhovisi leMeya yakuloMaspala INkosi NB Shabalala aseMgwaqeni uMurchison edolobheni eMnambithi.
Lezi zinkumbi zabasebenzi abangangaphansi kwezinyonyana ezimbili okuyi -IMATU neSAMWU, bezithukuthele zigane unwabu zifuna ukungena ngodli kulamahhovisi zithi zifuna ukuxoxa neMeya kanye nekomiti elengamele ukusebenza kwalomkhandlu(EXCO). Lezi zisebenzi zivale thanqa umgwaqo uMurchison phambi kwamahhovisi eMeya, zathi ngeke zisuke kuze kube iMeya iyaphuma nekomiti layo izokhuluma nabo.
Phakathi kwezinto abakhala ngazo labasebenzi kubalwa udaba lwamaholo enyanga kaNovember abathi awaphelele. Bakhala kakhulu ngemihlomulo ehambisana namaholo abathi anjengemali yempesheni, imishwalense ehlukahlukene abathi ayifakwanga emalini abayitholile. Kanti futhi bafuna ikomidi elengamele ukusebenza komkhandlu limise zonke izimenenja zaloMaspala ngoba bathi zihlulwa umsebenzi wazo.
Emva kokuqhinqa isikhathi eside ngaphandle kwamahhovisi eMeya, igcine iqhamukile imeya ihambisana nawo amalungu e-EXCO nabe sebecela ukuthi kuyiwe ezindlini zikamaspala ukuze kuhlalwe phansi kudingidwe kabanzi izikhalo zabo, nebala kubenjalo, bonke abasebenzi bathutheleke ezindlini zakamasapala kwahlawa phansi kwaxoxiswana.
eMhlanganweni othathe cishe amahora amabili kuya kwamathathu, kuhlalukile ukuthi banezikhalo ngezinto eziningi ezenzeka kwaMaspala. Nazi izinto abakhale ngazo kakhulu kulomhlangano:
- Isimo sezimali esidalulwe umqashi ko Nobhala kanye nosihlalo bazo zombili izinyunyana ngo mhlaka 25 ku Lwezi 2024 (25/11/24).
- Izimali ezingakhokhiwe (Bonds, medical aids, operational allowances njalo njalo)
- Ukuholelwa ngemali engene emkhandlwini ngendlela engafanelekile nangaphandle kokwazi kwesigungu esiphezulu somkhandlu, okubeka umaspala engcupheni yokuthi abe nezinkinga ezinkulu ukusuka manje kuya phambili.
- Ukuhlukumezeka okutholwa abasebenzi okuthinta izivumelwano zokuqashwa kwabo nendlela yokusebenza engahambisani nemigomo yombandela i-SALGBC Main Collective Agreement/ Conditions of Service Collective Agreement KZN Division.
- Amampunge asabalaliswa umqashi esingawazi athinta isivumelwano athi unaso nabasebenzi esithinta ama operational allowances.
- Ukucacisa ngezingxoxo umqashi athi unazo nabasebenzi ezingalekeleli muntu ngaphandle kwakhe kanye nethimba lakhe eliguqise umkhandlu okungi senior management.
Abasebenzi baphinde baveza ukungenami ngendlela IMeya eyakhuluma ngayo emsakazweni o-Online iNqubeko FM nokuyilapho abasebenzi bethi wayalela umphakathi wasoThukela ukuthi uma unenkinga yamanzi awo”SHAYA” abasebenzi bakuloMaspala ngoba yibo abangafuni ukusebenza.
IMeya kanye nalowo omele ihhovisi likaNqongqoshe kuloMaspala uDR VJ Mthembu bazamile ukuphendula eminye yemibuzo ebibhekiswe kulelikomiti kodwa akuzange kuphele kahle ngoba bobabili bahhahhamezwe ngabasebenzi kwagcina kufuneka ukuthi bahlale phansi bengaqedanga ukuphendula.
Lomhlangano uphethe ngokuthi abaholi bezinyonyana zombili kulomaspala okuyiSAMWU eholwa nguMr Dladla kanye ne-IMATU eholwa nguMr Thabethe bayalele ikomiti nemeya ukuthi bangalali namuhla bazame izindlela zokulungisa zonke lezi zinkinga ngoba uma kungenjalo lukhulu luyeza luyanyelela.
Laba baholi baphinde bayalela abasebenzi ukuthi baphelele kusasa ekuseni kwaMasipala, umyalelo wokuthi kuzokwenzakalani lapho uzotholakala kusasa.