Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

IMIBONO | SIFUNDISWA NGAMASELESELE BESE SIBIZWA NGAMAVILA

Posted on 21 October 2023

Kulelisonto ngithe ngizihambela lapha ezinkundleni zokuxhumana ngehla ngenyuka ngoba phela iDATA yinto ekhona, ngazithela kwizithombe ezingenze ngazibuza imibuzo eminingi ngezinga lezemfundo lalapha eNingizimu Africa. Lezi zithombe bezikhombisa abafundi bakwamanye amazwe ase-Afrika abasesemazingeni aphansi bekhombisa imisebenzi abayenze ngezandla zabo esikoleni. Lapha ngikhuluma ngabafundi ababukeka beseminyakeni elishumi kuya kweyishumi nesithupha. Ngiyahlawumbekisa la ngoba ibingekho imininingwane ebichaza ngeminyaka yabo. Laba bantwana bathwetshulwe bekhombisa ngalemisebenzi yabo abayenza esikoleni esibala kuyo, ukuxhunywa kukagesi, ukulinywa kwezingadi, ukwakhiwa kwezindlu ngezitini, ukubaza, ukushisela kanye nokuxhuma amapayipi amanzi nendle.

Kulendlu engiqhashe kuyo lapha edolobheni eMnambithi sike saba nenkinga kagesi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Kuze kwaphela iviki lonke nje sihleli ebumnyameni ngenxa yokuthi bonke abantu ebebetholwa umastende ukuzolungisa logesi bebefike behluleke. Cishe zize zafika zabantathu izinsizwa ezifikile zakinakina kwahlanga zimuka nomoya. Kuze kwavela mveli velayo wasiluma indlebe ukuthi kunensizwa edabuka kwelika Mzilikazi eZimbabwe okuthiwa ayiwubheki ugesi. Sibe sesazisa umastende yabizwa lensizwa. Umfo wakwelikaMgabe lo uvele wawuthi qhwi qhwi kabili kathathu zaduma!


Manje lezi zithombe zibuyise umbuzo engaba nawo emva kwalesi sehlo wokuthi yini ebidala ukuthi lezi zinsizwa zakithi eziwufundele ugesi zehluleke zona bese kuthi le yokufika engingenalwazi lokuthi yagcinaphi esikoleni ifike ikwenze kubukeke kulula nje ukuwulungisa. Lezi zithombe zalabafundi zivele zawuphendula kalula lo mbuza wami. Inkinga yimfundo yethu.

Thina ngesikhathi sasifundiswa ngamxoxo nezintethe nezilwane zasemanzini esingazazi o-Amoeba noHydra, bona babefundiswa ukuthi ugesi uxhunywa kanjani, becijwa ukuthi amapayipi amanzi ahlanganiswa kanjani, befundiswa ngokubaluleka kwezolimo njalo njalo. Yingakho namhlanje kuyibona abakhonyayo ngemisebenzi yezandla eNingizimu Africa. UHulumeni wabo wathi uma uthola inkululeko wabeka eqhulwini ezemfundo, waqeda uhlelo lobandlulo olwalufakwe ngabamhophe ukuze sicindezeleke sihlezi sikhosiza kubo, wabe usuqhamuka nohlelo lwezemfundo olusha sha oluzosimamisa abantu bezwe labo. Yingakho namhlanje abantu abavela kwamanye amazwe bekwazi ukufika kuleli baphile, basebenze noma bengenamfundo etheni. Lo owethu uhulumeni ke yena wathola inkululeko wakhohlwa yimfundo. Saqhubeko safunda imfundo yomcindezeli. Yasicindezela njalo engqondweni kuze kube namhlanje kusenjalo. Sihlezi sima ezimpambanweni zemigwaqo simemeza sithi sikhululekile siqamba amanga ahlaza cwe! akukho nkululeko ngaphandle kwemfundo, imfundo yangempela hhayi loshevu esidliswa wona.

Mihla namalanga sithukwa lapha ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa abantu baseNingizimu Africa bangamavila, abafuni ukusebenza. Size sithukwe ngisho nangabanye bosopolitiki, okuyibona engabe balungisa lesi simo. Namhlanje ngiyaqonda ukuthi kungani. Asikaze sibe yisizwe esivilaphayo nakanye! Inkinga akukho nkampani efuna umuntu okwazi ukuhlinza iselesele. Asikho nhlobo isikhangisi engake ngasibona sithi sifuna umuntu okwazi ukuhlukanisa umlenze wentethe ngokwezigaba zawo. Nakanye! Pho sithi abantu bakuleli abasebenzephi na? uma uhulumeni wethu efundisa izingane zethu imfundo engenamsoco sithi azukhule bese zisebenze ini, kuphi?

Kuningi uhulumeni angakufunda emazweni angaphandle. Hhayi kude kodwa khona la eduze komakhelwane bethu. Ngike ngabuka uhlelo lwezemfundo emazingeni aphasi amazwe ehlukahlukene ngabona ukuthi cha thina sisele kude kakhulu. EZimbabwe banezifundo ezifana nezokusikwa kwengqephu, ezolimo, ukubaza nezinye eziningi. eSomali kunezifundo zezibalo ezibandakanya ukuqala, ukusimamisa kanye nokuphathwa kwamabhizini. AmaJaphani wona anezifundo zobuchwepheshe ezaziwa ngokuthi amaRobotics, kanye nemisebenzi yezandla. ePakistan, zihamba phambili ezamakhompyutha nezamabhizinisi. Konke loku njalo kufundwa emazingeni aphansi emfundo, angikhulumi ngamanyuvesi la ngikhuluma ngo “A -ebhence.”

Kuningi engingakubala nangamanye amazwe. Umbuzo omkhulu ke uthi, yikuphi thina esingama ngakho sithi nakhu esihamba phambili ngakho ngemfundo yethu?

Ngempela uma uhulumeni wethu engashintshi ukwenza kusemanje, ikusasa lalelizwe lonke lilele ezandleni zabantu bokufika!

Kusho mina ngisho ngeDATA lami!!

NguMsuthu uGinimbi wakwaZungu

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme