Kube nomunyu kufihlwa isishoshovu seNkatha Freedom Party (IFP) eWeenen izolo uYummy Mthokozisi Sithole obengubonobhala wesikhashana eMbabazane, udutshulwe wabulawa ngomgqibelo (27 January) abantu abangaziwa.
Lomgcwabo uhanjelwe amalunga enqembu kwisifunda sonke sasoThukela. Usihlalo weIFP kwisifundazwe sakwaZulu Natal ophinde aba ngumeya wase King Cetshwayo, nophinde agaqele isikhundla sobuNdunankulu kwaZulu Natal uMnuz Thami Ntuli uthi udabuke kakhulu ngokuzwa ukuthi uSithole akasekho emhlabeni.
uNtuli uthi kuyoba nini umthetho wenza kancane uma kuthiwa kubulawe usopolitiki uthi bangakhi osopolitiki ababulewe kodwa kusaphenywa kuze kube imanje.
“Labantu ababulele umfwethu uMthokozisi kanye nabanye osopolitiki bangama gwala angena nembeza buka nje sihlangene ngento ebuhlungu kanjani. ” kusho u Ntuli.
uMphemba uthi lento yokubulawa kuka Jobe ize ngesikhathi esibi lapho inqembu lizilungiselele ukuya okhetheni lukazwelonke nokhetho lwezifundazwe.
Uphinde wacela bonke abantu basoThukela ukuba baphume ngobuningi kusasa bayobhalisela ukhetho ngoba lolukhetho luyoba yingqophamlando esizukulwaneni esizayo.
uNtuli uvale ngokuthi wonke amabombo abheke e Moses Mabhida stadium ngenyanga ezayo lapho i-IFP iyothula khona umhlahlandlela wokhetho oluzayo. Uthi wonke umuntu akayozwa ukuthi iNkatha iphetheni ukuguqula izimpilo zabantu bakuleli.