Inhlangano ebhekelele ibhola lamazwe ngamazwe okuyiFifa namuhla badedele uhlu lwaka muva lwamazwe ngamazwe ahamba phambili ebholeni lezinyawo.
I-bafana bafana ukwenza kwayo kahle kwi afcon ebikhona ngaphambilini kulonyaka njengoba igcine ilele isithathu kuyenze yakwazi ukuthi ingene emazweni angu 60 ahamba phambili emhlabeni wonke jikelele Kanti lapha e – Africa babalwa namazwe ahamba phambili kwayishumi (10).Ukudlala kwabo ngokulingana imidlalo ye sihle bedlala nezwe lase Andorra Kanye ne Algeria kube nomuthelela ongemuhle ekuklelisweni kwamazwe ngamazwe.
Abanqobi bendebe yomhlaba okuyi Argentina basaqhoqhobele indawo yabo yokuqala, bese kuthi labo abashaywa kwi Final okuyi France bona basalele endaweni yesibili. Kanti Belgium yona yendlule England ebikunombolo 3 esiku nombolo 4 manje Kanti Brazil iyibambe kunombolo 5 bese kulandela Portugal, Netherlands, Spain, Italy bese kuvala Croatia ku nombolo 10.
Kanti Uma kubhekwa Amazwe ase Africa ekuklelisweni kwawo emhlabeni jikelele Morocco iyona esahamba phambili njengoba ikleliswe yalala indawo ye shumi nantathu (13) iladelwa yi Senegal Kanti iningizimu Africa yona ilele unombolo 59.
Amazwe ahamba phambili e-Africa
1.Morrocco
2.Senegal
3.Nigeria
4.Egypt
5.Ivory Coast (Afcon Champ2023)
6.Tunisia
7.Algeria
8.Mali
9.Cameroon
10.South Africa
Kanti imidlalo elandelayo ye bafana izoyidlala nezwe lase Zimbabwe Kanye ne Nigeria ngo Nhlangulana kulonyaka kweyokuhlungela indebe yomhlaba.